Ugwetshwe iminyaka engu-20 owashaya wabulala ingane, 5

2017-06-10 09:18

North West - Owesilisa oneminyaka engu-30 ubudala waseNorth West ugwetswe iminyaka engu-20 ngokushaya abulale ingane.

Oyibamba lejaji u-J J Strijdom, enkantolo eNkulu yaseKlerksdorp, ugwebe u Tseko Seekoei waseBloemhof ngecala elenzeka ngoDisemba 2015.

Lo mlisa washaya wabulala ingane yentombi yakhe uKutlwano,5.

Ngokwesitatimende sakhe uthi wabo indodakazi kaDimakatso Kodisang ezinyangezi eziyisithupha ngaphambi kwesigameko.

Uthi wayemthanda uKutlwano njengengane yakhe. Uthe wabona ukuthi lengane ayiqeqeshekile futhi yayinomkhuba wokuzichamela futhi unina engenandaba.

OLUNYE UDABA:Ugwetshiwe owabulala intombi wayingcwaba ngaphansi kombhede emkhukhwini

Uthi wayishaya izinqa ngesikhathi ebona ukuthi ichamele usofa ilele. Yakuphinda futhi lokho ngokuhamba kwesikhathi nokuyinto eyamcika kakhulu.

Wanquma ukuyijezisa ngokuthi ima ngonyawo olulodwa wabophela izandla zakhe kanye nalo omunye umlenze ekhabetheni.

Ngesikhathi ebona ukuthi isikhathele wayiqaqa, yayilokhu ikhale njalo kodwa wathatha ngokuthi isadiniwe wangakunaka kakhulu lokho.

Wathuka esevuswa yintombi ekuseni imtshela ukuthi ingane ayivuki nokuyilapho abona khona ukuthi kukhona okungahambi kahle kanti vele isishonile.

USeekoei ucele uxolo entombini yakhe ngalokhu okwenzeka nokuyincisha ithuba lokubona ingane yayo ikhula, kubika iThe Citizen.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.