Ugwetshwe iminyaka engu-30 ngamacala amathathu okudlwengula

2017-11-16 19:27

eMpumalanga - INkantolo kaMantshi e-Eerstehoek igwebe owesilisa iminyaka engu-30 ebhadla ejele ngamacala okudlwengula abesimame endaweni yaseTjakastad, eBadplaas.

UNhlanhla Surprise Mabuza ugwetshwe ngemuva kokulahlwa amacala okudlwengula abesimame abathathu.

Ngo-2013 lo mlisa owayeneminyaka engu-20 ubudala ngaleso sikhathi wadlwengula owesimame oneminyaka engu-33 ubudala ngesikhathi eyolanda izingane zakhe lapho ezazigadwa khona, ebusuku ngo-20:30.

Lo mlisa wagxavuna lo wesimame wamdlwengula. Ngaleso sikhathi, lo wesimame akazange ambone kahle umsolwa ngoba wayezivale ubuso.

Lesi sigameko sasifana ncamashi naleso esenzeka entombazaneni eneminyaka engu-16 ubudala esitolo esiseduze nale ndawo.

OLUNYE UDABA:Ona-25 ugwetshwe iminyaka engu-20 ngelokudlwengula

Kwesentombazane isigameko, umsolwa wayihudulela endaweni eyihlathi wayidlwengulela khona.

Ngemuva kweminyaka emibili, ngo-Agasti 2015, abesimame ababili babelele egumbini elilodwa ngesikhathi bevuswa wukungena kwalo msolwa ezobagebenga.

Lo mlisa wathatha imali wase edlwengula oyedwa wabo.

Ngesikhathi imantshi yehlisa isigwebo, income ithimba labaseshi ngokuhlanganisa kahle bonke ubufakazi futhi basebenzisa namasampula egazi ukuze kukhonjwe umsolwa, kubika iMpumalanga News.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.