Ugwetshwe iminyaka engu-319 owesilisa waseThekwini ngawokudlwengula

2017-11-15 18:00

Durban – Owesilisa oneminyaka engu-47 ubudala obedlwengula ephindelela ugwetshwe iminyaka engu-319 ebhadla ejele ngohide lwamacala awenza isikhathi esiyiminyaka eyisikhombisa, kusho amaphoyisa ngoLwesithathu.

UBheki Doctor Magwaza, owayesebenza njengonogada, ugwetshwe yiNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesibili. Kuthiwa la macala enzeka phakathi kukaSepthemba 2008 noFebhuwari 2016 eVerulam, enyakatho yeTheku, kusho uLieutenant Colonel Thulani Zwane.

Uthi uMagwaza wayegqoka umfaniswano wonogada uma esegila le mikhuba.

"Ulahlwe yila macala ngemuva kokuthi ewavume wonke, wathi wawenza eVerulam namaphethelo," kusho uZwane.

Unanele ngokuthi uMagwaza wayehlasela kakhulu izithandani.

OLUNYE UDABA: Ulahlwe ngelokudlwengula owakhipha ijazi kwenziwa ucansi

"Umsolwa kuthiwa wayeyalela izithandani ukuba zenze ucansi ezikhombe ngesibhamu kuthi uma zinqaba, bese esabisa owesilisa maqede adlwengule owesifazane," kusho uZwane.

Uthi amalungu ophiko lwe-Investigative psychology section yiwo asiza ekutheni kubanjwe uMagwaza. Omunye wezisulu wathatha i-number plate yemoto yakhe wabe eseyinikezela emaphoyiseni.

"Lolu lwazi lwasetshenziswa ekuthungatheni umsolwa zabe sezimkhalela esemsebenzini ePinetown ngoSepthemba wonyaka owedlule," kuqhuba uZwane.

Imiphumela yolibofuzo yayamanisa umsolwa namacala angu-26 okudlwengula nawokunukubeza ngokocansi, esho.

Lowo oyibamba likaKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, uMajor General Bheki Langa, uthe bayasamukela lesi sigwebo.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.