Ugwetshwe iminyaka engu-33 owazama ukubulala iphoyisa eNanda

2017-09-09 11:30

Durban - INkantolo yesifunda eNtuzuma ngomhlaka 5 kuSepthemba ithole uSanele Armstrong Mhlongo,21, enecala lokuzama ukubulala.

Ngo-Agasti 2015 uMhlongo waboshwa ngemuva kokuzama ukubulala iphoyisa endaweni yaseZimangweni eNanda.

UMhlongo wadubula walimaza iphoyisa lihleli emotweni yalo wase eyaligebenga walithathela isibhamu somsebenzi.

Leli phoyisa laphuthunyiswa esibhedlela lapho elahlala khona izinyanga ezimbalwa lelashwa.

Kwavulwa icala lkuzama ukubulala emaphoyiseni aseNanda.

OLUNYE UDABA:Kumiswe uthisha ngezinsolo zokunukubeza abafundi abangu-9 ngocansi

Ngemuva kophenyo olwenziwa ngabaseshi, uMhlongo waboshwa wabekwa icala lokuzama ukubulala nokuphatha isibhamu esingekho emthethweni ngemuva kokutholakala nesibhamu saleli phoyisa.

Uphenyo lwamatanisa lo msolwa ngamanye amacala okugqekeza khona kuleli lokishi.

UMhlongo ugwetshwe iminyaka engu-15 ngelokuzama ukubulala, engu-15 ngokugqekeza kanye nemithathu eyokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.