Ugwetshwe iminyaka engu-48 owabulala iphoyisa

2017-02-02 11:30

Polokwane – Usegwetshwe iminyaka engu-48 ebhadla ejele umlisa owadubula wabulala iphoyisa esigamekweni sokuphangwa kuhlonyiwe ngesikhathi etholana phezulu namaphoyisa ngonyaka ka-2016.

U-Aretse Nkabang Moraba, 33, ulahlwe yicala lokubulala, ukuphanga kuhlonyiwe, kanye nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu eNkantolo eNkulu yaseLimpopo ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA: BUKA: Kubukeka sengathi lidutshulwe nguzakwabo ekhanda iphoyisa

UMoraba wadubula wabulala uConstable Kekana Pule Edward ngo-Ephreli wangonyaka odlule.

“Leli phoyisa elashona lalikanye namanye amaphoyisa, lizingela umsolwa ngokuphanga kuhlonyiwe ngesikhathi umsolwa evulela ngenhlamvu engaphakathi endlini,” kusho okhulumela amaphoyisa uBrigadier Motlafela Mojapelo.

U-Edward wadutshulwa emphinjeni wabe eseshonela endleleni ebheke esibhedlela.

UMojapelo uthi amaphoyisa ayasamukela isigwebo, futhi anethemba lokuthi sizothena amandla nezinye izigebengu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.