Ugwetshwe iminyaka engu-6 owengozi eyabulala uNgqongqoshe

2016-08-06 08:43

Johannesburg – Umshayeli weloli elabandakanyeka engozini okwashona kuyona uNgqongqoshe wezemisebenzi kahulumeni nokuphathwa kwayo, uCollins Chabane, kanye nonogada bakhe ababili ugwetshwe iminyaka eyisithupha ebhadla ejele yiNkantolo yeMantshi yaseMankweng, eLimpopo, ngoLwesihlanu.

U-Amukelani Rikhotso, 31, walivuma icala lokubulala ngokungenhloso, elokushayela ephuzile nelokungayithobeli imithetho yomgwaqo ngesikhathi evele enkantolo ngo-Ephreli, kusho umqondisi wezokushushiswa komphakathi uMashudu Malabi-Dzhangi.

Funda nalolu daba: Kushone usomatekisi oshayasibhamu bevulela ngenhlamvu

URikhotso ugwetshwe iminyaka eyisithupha ngamacala amathathu okubulala ngokungenhloso, iminyaka emithathu ngokushayela ephuzile, neminyaka emibili ngokungathobeli imithetho yomgwaqo.

Izincwadi zakhe zokushayela ngeke avunyelwe ukuzisebenzisa isikhathi eziyizinyanga eziyisithupha futhi akavumelekile nokuba nesibhamu.

UChabane, uLesiba Sekele, 38, noLawrence Lentsoane, 37, bashona engozini yomgwaqo ngesikhathi imoto yabo ishayisana neloli likaRikhotso ngesikhathi ezama ukujika emgwaqeni u-N1 phakathi kwasePolokwane naseMokopane ngoMashi 15, 2015.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.