Ugwetshwe kanzima obedayiswa isikhumba senhlwathi

2017-08-01 12:30

Harare – Ugwetshwe iminyaka engu-9 ebhadla ejele owesilisa waseHarare ngokuzama ukudayisa isikhumba senhlwathi ngo-$2 000, kubika iphephandaba ngoLwesibili.

UKingstone Gwenzi,29, uboshwe ngenyanga edlule eBudiriro, eHarare, ngemuva kokuba iziphathimandla zincizwe indlebe, kubika iHerald.

“Amaphoyisa abona uGwenzi eBudiriro efuna abantu abazothenga isikhumba,” kubika iphephandaba.

OLUNYE UDABA: Abalelwa kwangu-41 amadoda aboshelwe ubutabane

Amaphoyisa amsesha, athola isikhumba sifakwe esikhwameni sakhe.

Ngaphansi kwemithetho yezemvelo eZimbabwe, umuntu ugwetshwa iminyaka engu-9 ebhadla ejele ngokubulala noma ukutholakala nezilwane ezivikelwe.

UGwenzi walivuma icala lokutholakala nesikhumba senhlwathi ngaphandle kwemvume, wabe esegwetshwa yiNkantolo kaMantshi eHarare ngoLwesihlanu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.