Ugwetshwe kanzima olahlwe elokudlwengula kanye nokubulala

2016-12-14 10:02

Cape Town - Owesilisa ulahlwe yicala lokudlwengula nokubulala ingane eneminyaka eyishumi kanye nelokudlwengula kabili lowo owayeyintombi yakhe.

Ngesikhathi ehlisa isigwebo sikaJerome Amerika, 23, umahluleli uRobert Henney uthe kuzohlala obala ukuqina kanye nokugcizelelwa komthetho ngaleli cala.

U-Amerika walahlwa yicala lokudlwengula kanye nokubulala uShamonique Claasen ngenyanga eyedlule.

OLUNYE UDABA:Odilikajele ababili kolahlwe awokudlwengula

Le ntombazanyana yanyamalala endaweni yasePaarl ngomhlaka-27 Febhuwari kulo nyaka ngosuku olwandulela usuku lwakhe lokuzalwa lapho ebezohlanganisa khona iminyaka engu-11 ubudala.

Watholakala ngaphansi kombhede ka-Amerika efakwe kuplastiki omnyama, enamanxeba okugwazwa ekhanda kanye nasesifubeni.

Le ndoda igwetshwe odilikajele abahlanu ngelokubulala kanye nokudlwengula le ntombazanyana.

Ibuye yalahlwa yicala lokudlwengula kabili lowo owayeyintombi yakhe, ogama layo lingeke lidalulwe ukuze avikeleke.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.