Ugwetshwe kanzima ubedlwengula abafana abancane

2017-10-06 09:31

Johannesburg – Owesilisa othanda izingane ezincane owadlwengula abafana abaneminyaka ephakathi kuka-8 nengu-13 ubudala kusukela ngo-2011 kuya ku-2016, ugwetshwe odilikajele abangu-8, kusho amaphoyisa ngoLwesine.

UKevin Leon Thomson ugwetshwe ngoLwesibili yiNkantolo eNkulu yaseSouth Gauteng eGoli ngemuva kokulahlwa yicala lokudlwengula abafana abancane e-Orlando nase-Eldorado Park, kusho uColonel Lungelo Dlamini.

OLUNYE UDABA: Uvulele ngenhlamvu ebhekise kubafundi ebebebhikisha

"Izisulu zakamuva zadlwengulwa ngoMashi 2016. Wayehlala ngakubo kwezisulu kanti wayeziluthela endlini yakhe ngokuthi uzozinikeza amabhayisikili. Zonke izisulu zadlwengulwa,” kusho uDlamini esitatimendeni.

UThomson waboshwa ngasekuqaleni konyaka ka-2017 kanti icala lakhe labe selidluliselwa enkantolo enkulu, ngokusho kukaDlamini.

"Ngemuva kokwehlisa isigwebo, ijaji liyalele ukuba igama lakhe lifakwe ebhukwini lilazwelonke elinabantu abanamacala okuhlukumeza ngokocansi,” kusho uDlamini.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.