Ugwetshwe kanzima umalugaju

2016-07-22 20:30

Cape Town – Umalugaju ugwetshwe iminyaka engu-47 etholoza ezikhindini kulandela ukulahlwa amacala amabili okudlwengula, elokubulala, ukuzama ukubulala, ukuthumba nokushaya.

UJohan Lewis ugwetshwe yiNkantolo eNkulu yaseWestern Cape.

Zonke lezi zigwebo uzozidonsa kanye kanye.

INational Prosecuting Authority (NPA) ithe uLewis nomngani wakhe bahlula ngamandla owesifazane owayesendleleni eya esitolo, uLewis wamudlwengula, ngo-2010.

OLUNYE UDABA: Uvelile umalugaju waseKZN enkantolo

Ngasekupheleni kwalo nyaka, la madoda aphinde athumba omunye wesifazane eLotus River, bamklinya, bamdlwengula bephindelela base bembhaxabula ngesitswebhu.

Ngo-2013, amaphoyisa athola uLewis nesidumbu sowesifazane, okuthiwa wamklinya waze washona.

UMbuso ubufuna uLewis athole udilikajele.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.