Ugwetshwe kanzima umalume owabulala abashana ejahe imali

2018-03-27 16:00

Durban - INkantolo eNkulu yaseMgungundlovu imugwebe odilikajele abane umalume ozivumele ngokwakhe ukuthi wabulala abashana ngoba efuna imali yomshwalense.

UBen Zimele Mbhele, 32, ulahlwe ngamacala amane okubulala.

Lesi sigwebo siza ngemuva kokuthi inkantolo ilalele ukuthi uMbhele wasebenzisa kanjani isihluku ebulala izingane zikadadewabo eNcukeni, ePort Edward, ngoSepthemba wonyaka ofile.

Lowo oyibamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uMajor General Bheki Langa usamukele lesi sigwebo. "Lesi sigwebo sizoba yisexwayiso kwezinye isigebengu ezicabanga ukuthi zingabalekela ingalo yomthetho.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe isihlobo ngokubulawa kwezingane ezine eNcukeni

"Siyethemba ukuthi lesi sigwebo sizowuthoba amanxeba umndeni," esho.

UMbhele zamkhalela ngomhlaka-9 Mashi nonyaka ngemuva kophenyo olunzulu olwalandela isigameko sokubulawa kwezingane ezine ezagwazwa zase zisikwa izindlebe zangakwesobunxele.

"Lezi zingane ezazineminyaka ephakathi kwemine nengu-12 ubudala zatholakala zidindilizile kubo zinamanxeba amaningi okugwazwa. Esinye isidumbu sengane satholakala ngaphandle komuzi," kusho isitatimende samaphoyisa.

Ngesikhathi kwenzeka lesi sehlakalo, umama wayezikhiphile.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.