Ugwetshwe kanzima umelaphi wendabuko owadlwengula izingane ezimbili

2018-05-06 15:34

INkantolo yasiFunda eNebo, eLimpopo, yehlise isigwebo sodilikajele ababili kumelaphi wendabuko ngemuva kokuba elahlwe yicala lokudlwengula izingane ezimbili.

Le ndoda eneminyaka engu-38 ubudala, ngeke idalulwe ukuze kuvikeleke izingane eyazidlwengula.

Okhulumela iNational Prosecuting Authority esifundazweni uMashudu Malabi-Dzhangi uthe lo melaphi wadlwengula lezi zingane phakathi kuka-2014 no-2015.

“Esigamekweni sokuqala ngo-2014, inkantolo itshelwe ukuthi ingane eneminyaka eyishumi ubudala yayidlala nomzala wayo ngesikhathi ummangalelwa ethuma umzala esitolo ukuba ayomthengela okuthile," kusho uMalabi-Dzhangi.

OLUNYE UDABA: Usenyakanyakeni udokotela osolwa ngelokudlwengula

Uthi ngesikhathi umzala esahambile, ummangalelwa wayengela le ngane egumbini lakhe lokulala, wafika phakathi wayikhumula ngaphambi kokuba ayidlwengule.

Kwathi uma eseqedile, wayinikeza u-R15 wayisabisa ngokuyibulala uma ike yathi vu ngokwenzekile.

Esigamekweni sesibili, esenzeka ngoMashi 2015, ummangalelwa wabizela kwakhe ingane eneminyaka emihlanu ubudala, enza sengathi ufuna ukuyithuma esitolo.

"Kwathi uma le ngane ifika endlini wayigibelisa embhedeni, wabe eseyayidlwengula. Ummangalelwa kuthiwa uhlobene nesisulu,” kusho uMalabi-Dzhangi.

Ngesikhathi kuqhubeka icala, le ndoda ibilokhu iphike njalo ukuthi yazidlwengula lezi zingane.

Udaba oluphelele lapha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.