Ugwetshwe odilikajele abangu-14 olahlwe ngamacala okudlwengula

2017-10-03 16:00

Johannesburg - Ugwetshwe odilikajele abawu-14 uJosias Xaniseka Mkansi wase ebhanselwa ngeminyaka engu-50 yiNkantolo eNkulu yaseSouth Gauteng High, eGoli, ngoLwesibili.

Labo dilikajele uzobadonsa kanye kanye. Ngaphezu kwalokho, uphinde wagwetshwa iminyaka eyishumi icala ngalinye ngamacala amabili okudlwengula, okuyizigwebo azozidonsa ngokwehlukana waphinde wagwetshwa iminyaka engu-15 icala ngalinye kwangu-11 okuphanga amlahlile.

Ehlisa iisgwebo, uJaji Ingrid Opperman uthe ngokwejwayelekile kwaziwa ukuthi omalugaju abasizakali ekutheni bahlunyeleliswe izimilo.

U-Opperman uchaze uMkansi njengomalugaju ubebahlalise lubhojozi abanye abantu.

OLUNYE UDABA: Kuzwakale ukuthi wathandaza nesisulu umalugaju

Uthe kungumsebenzi wenkantolo ukuthumela umyalezo onqala kwabanye abadlwenguli wokuthi ngeke bancengwe abantu abahlukumeza abantu besifazane.

Ngesikhathi egwetshwa, uMkansi ubonakale ezikhululekele evale namehlo. NgoLwesibili, igama likaMkansi lifakwe ohlwini lwabalahlwa amacala okunukubeza ngokocansi.

"Inhloso yokubhalisa igama lakhe ngaphansi kwalolu hlu ukuthi kuvikeleke izingane. Uma ufakwe kulolu hlu awuphinde uvunyelwe ukuba usebenze ngezingane futhi uma ufaka isicelo somsebenzi kumele ukuveze lokho," esho.

Ngesikhathi kwethulwa izethulo zokugcina enkantolo, uMkansi waveza ukuthi wazalwa ngomhlaka-29 Ephreli 1967 futhi uyingane yenyanga. Kubo bangu-36 kanti yena unezingane eziyisikhombisa azithola namakhosikazi akhe amabili angasekho emhlabeni.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.