Ugwetshwe udilikajele obulale iShayina eMadadeni

2016-07-06 16:01

eMadadeni – Selize lafika esiphethweni icala lowesilisa owabulala usomabhizinisi odabuka kwelaseShayina ngesikhathi umsolwa egwetshwa udilikajele.

USandile Mkhize, 23, ugwetshwe udilikajele ngelokubulala, iminyaka engu-15 ngokuphanga ngenhloso yokulimaza, iminyaka emihlanu ngokuzama ukubulala kanye nemithathu ngukuphatha isibhamu esingekho emthethweni.

OLUNYE UDABA:Udilikajele kowadlwengula indodakazi, 15

Umbiko wamaphoyisa uthi uMkhize wahlasela uXiaoming Zhang kanye nozakwabo wasemsebenzini ngomhlaka 29 kuNhlaba.

Wadubula wabulala uZhang ekhanda kwalimala kabi nozakwabo. Lo msolwa wagebenga izisulu zakhe imali engaziwa.

Okhulumela amaphoyisa uThulani Zwane uthe: “Abaphenyi ababephethe leli cala balandela umkhondo womsolwa bamthola kwaNongoma ephethe isibhamu esingekho emthethweni.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.