Ugwetshwe udilikajele owabulala unkosikazi kamfowabo ngesihluku

2018-04-05 09:31

Polokwane - Indoda eneminyaka engu-33 ubudala ilahlwe yicala yagwetshwa udilikajele yiNkantolo eNkulu eLimpopo eThohoyandou ngoLwesithathu ngokubulala unkosikazi kamfowabo.

UDaniel Dzambukeri ulahlwe yicala lokubulala uHlayisani Precious Hlongwane, 26, ngonyaka odlule ngemuva kokumthembisa ukuthi uzomhambisa ngemoto ukuya eHlomela village eGiyani, kodwa kunalokho wamyisa ehlathini eliseduzane.

"Imilenze kamufi yaboshwelwa esihlahleni, washiya khona lapho. Ebusuku, umsolwa wabuya, wazohlasela umufi, wamphula ingalo waphinde wamnquma namanye amalungu omzimba ngaphambi kokuba ambulale,” kusho uLieutenant Colonel Moatshe Ngoepe.

OLUNYE UDABA: Kushaqeke ikhansela ngokubulawa kwabantu eNyanga

Iphoyissa elihola uphenyo labopha uDzambukeri nabanye abantu abathathu abagcina bededeliwe ngebheyili ngokuhamba kwesikhathi.

UNkhensani Christinah Mhlongo, 52, Solomon Mgengeni Mahumani, 53, no-Amos Mafemani Chuma, 45, kulindeleke bezwe ngekusasa labo uma sebevele enkantolo ngoMeyi 2.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.