Ugwetshwe udilikajele owathengela umyeni wakhe izinkabi

2018-03-24 14:10

Durban - Owesifazane wase-Eastern Cape kanye nabantu ababili ayesebenzisana nabo bagwethswe udilikajele ngemuva kokulahlwa yicala lokubulala umyeni wakhe.

Lesi sigwebo sehliswe yiNkantolo eNkulu yase-Eastern Cape, ebihlezi eButterworth.

UZimkhitha Tetyana, 45, ngosizo lukaLwando Ramba noYandisa Tonci, babulala uMlamli Tetyana, 52, eDutywa ngomhlaka-2 Juni 2016.

"Bobabili uLwando Ramba noYandisa Tonci baqashwa nguZimkhitha Tetyana ukuba babulale umyeni wakhe," kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Jackson Manatha.

"Kwaba nengxabano phakathi kukankosikazi nomufi, kwaphetha ngokuthi unkosikazi athengele umyeni wakhe izinkabi."

OLUNYE UDABA: Owayeyiphoyisa uboshelwe ukuzama ukubulala umyeni wakhe

UZimkhitha nalaba abebekwe nabo icala baboshwa ngemuva kwezinsuku ezimbalwa kwenzeke isigameko.

Babe sebebekwa icala lokwakha itulo lokubulala, lagcina ngokubalahla.

UKhomishana wamaPhoyisa e-Eastern Cape uLieutenant General Liziwe Ntshinga usamukele lesi sigwebo.

Uncome abaseshi baseDutywa ngokulusukumela lolu daba, kwaphetha ngokuthi kuboshwe abasolwa.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.