Ugwetshwe udilikajele umqeqeshi owadlwengula umfana, 14

2017-08-24 12:30

Thohoyandou – Owayengumqeqeshi weLimpopo Soccer Academy ugwetshwe udilikajele yiNkantolo eNkulu yaseLimpopo ehlezi eThohoyandou ngecala lokudlwengula umfana oneminyaka engu-14 ubudala eminyakeni emithathu eyedlule.

Ibhungu laliyingxenye yentsha eyayingaphansi kohlelo lokuthuthukiswa kwezemidlalo ngesikhathi lidlwengulwa ngumqeqeshi walo.

"Inkantolo itshelwe ukuthi ngobusuku bangomhlaka-21 Ephreli 2014 umsolwa, owayengumqeqeshi webhola, wabizela isisulu egunjini lakhe,” kusho okhulumela iNPA esifundazweni, uMashudu Malabi-Dzhangi.

Umqeqeshi wakhumula isisulu wabe esesidlwengula.

OLUNYE UDABA: Sekuboshwe 5 weziboshwa ezingu-20 ezeqile

"Ngakusasa isisulu saya kubo salandisa ugogo waso ngokwenzekile. Isigameko sabikelwa umphathi [weLimpopo Development Academy] owathi kumele lolu daba lubikelwe amaphoyisa esiteshini saseTshilwavhusiku," kusho uMalabi-Dzhangi.

Umsolwa wavuma kumphathi ukuthi wadlwengula isisulu, kodwa enkantolo waliphika icala.

Umqondisi wezokushushiswa komphakathi eLimpopo, u-Advocate Ivy Thenga, uthe: "Ubulungiswa bekufanele benziwe.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.