Johannesburg - Kwashaqisa abalandeli ukushiya komlingisi emdlalweni wakumabonakude uZalo, uMpumelelo Bhulose owayedlala indawo kaGxabhashe.
Ukwesula kwalo mlingisi kulo mdlalo kwavela ngoJanuwari ngemuva kwezinyanga eziyisithupha kungaqondakali ukuthi ukuthi kwenzekani ngaye kulo mdlalo.
Ngaphambi kokuba ashiye kulo mdlalo otshengisa ku-SABC 1 uMpumelelo kwakunamahlebezi ayezungeza ngomsebenzi wakhe. Okokuqala kwabikwa ukuthi waxoshwa ngemuva kokungaboni ngaso linye nabaphathi bomdlalo kwase kuphinde kuqubuka amahlebezi okuthi wabuyiselwa kulo mdlalo ngenxa yabalandeli ababemfuna la. Yize kunjalo ngemuva kwesikhashana kwabikwa ukuthi amaphrojusa oZalo awachitha onke amahlebezi athi angeke apwushiye umdlalo.
OLUNYE UDABA: Kubikwa ukuthi oshiye uZalo usephelelwe 'wushatini'
Manje ngemuva kwezinyanga eziyisithupha awushiya umdlalo uMpumelelo uvelele isifuba abephephabhuku iDrum ngokushiya kwakhe.
"Uma ngikhipha lonke ikhono lami emdlalweni kufanele ngibongwe. Angizange ngilushiye kahle uZalo. Ukube ngahamba kahle ngabe sisasebenza ndawonye. Kodwa uma abantu belokhu beqhubeka nokukhuluma kabi ngawe, lokho kufanele kukukhombise ukuthi ngubani onenkinga," usho kanje ekhuluma nabephephabhuku.
Lo mlingisi osajoyina umdlalo iGreed and Desire etshengisa kuMzansi Magic uthi nakuba engazange aphume kahle akananxa namaphrojusa oZalo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter