Ugxile entsheni ethula inkulumo ePhalamende uMengameli Zuma

2017-05-31 19:29

Durban - UMengameli Jacob Zuma wethule isabelomali seHhovisi lakhe ngoLwesithathu ePhalamende waqala ngokugxeka ukuhlukunyezwa nokubulawa kwezingane nabantu besifazane kuleli.

“Indaba yokubulawa kwezingane nabantu besifazane kumele iphele. Ngokunjalo futhi abantu besifazane kumele bathole ukwesekwa emakhaya kuqala,” esho.

UMengameli uqhubeke ngokubala izinto uhulumeni ohlela ukuzenza, ezibandakanya intsha kakhulu. Uthe kunesikhwama sama-SMME sika-R1bn esizosiza ukufukula amabhizinisi asafufusa.

UZuma uphinde washayela uhulumeni ihlombe ngokukwazi ukusebenza ngokuzikhandla ekulwisaneni ne-HIV/Aids kuleli. Uthi uhlelo lwakuleli lokukhipha imishanguzo yokuthithibalisa leli gciwane luhamba phambili emhlabeni wonke.                    

“Muhle kakhulu umsebenzi owenziwa nguhulumeni ngokulwisana nesandulela ngculazi kanye nengculazi uqobo.Sesinyukile ngisho isibalo sabantu abahlolela leli gciwane uma kuqhathaniswa nango-2009,” esho ePhalamende.

OLUNYE UDABA: UMBONO: ‘UZuma welusa, uyagquma uyaphalaza, akafani noMaimane osaba uchatho’

UZuma ube esethinta udaba lweState Capture, wathi akekho umuntu ovimbe ukuba kube nekhomishana ezophenya ngezinsolo zokubanjwa koMbuso ngobhongwane.

“Izandla zethu zivuliwe, akekho umuntu ovimbile ukuba kwenziwe uphenyo ngezinsolo ezikhona,” kusho uZuma obebukela eneme.

Uqhube ngokuthi kunabantu abasha abangu-10 000 abaqeqeshelwa ukwenza umsebenzi wezandla. Uthe uhulumeni usebenza ngokungakhathali ukuthuthukisa intsha yakuleli.

“Abantu abasha abangu-18 000 bazosizwa ekutheni bakwazi ukuba ngosomabhizinisi,” esho.

Uthe esevala uMengameli, wabonga isekela lakhe uCyril Ramaphosa kanye hhovisi lakhe ngokumeseka.

Umholi we-DA uMmusi Maimane usukume wathi kuyadabukisa ukuthi i-ANC akhula eyazi “seyafa”.

Uqhube wathi uZuma wabulala i-ANC kuqala, manje usebulala iNingizimu Afrika.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.