Uhambe nesidumbu somkakhe eyobona intombi ayithole ezinkundleni zokuxhumana

2017-07-22 16:00

Texas -  Uboshiwe owesilisa ngemuva kokutholakala kwesidumbu sowesimame emotweni abehamba ngayo nokukholakala ukuthi singesomkakhe.

NgoMgqibelo odlule, amaphoyisa aseCedar Hill abambe uDequalan Dejuan Harris, 35, ngecala lokubulala umkakhe uTamara R. Harris, kubika i-WFAA.  

Ngokusho kwamaphoyisa uTamara noDequalan bebedivosa kanti kuvelile ukuthi umkakhe wake wabikela abe-911 ngodlame lwasekhaya.

OLUNYE UDABA:Indoda 'ibulale' unkosikazi kubangwa ikhondomu esisebenzile

Okhulumela amaphoyisa aseMansfield uLt. Rob Skropits ngoMsombuluko uthe uDequalan Harris ushayele amahora anfgu-17 eya eMansfield, Ohio, "eyobona isithandwa esisha asithole ku-intanethi."

Amaphoyisa aseCedar Hill abikele amaphoyisa aseMansfield ngokunyamalala uTamara unyamalele  futhi usenezinsuku ezimbalwa engabonwa.

Amaphoyisa atshele uSayitsheni ngemoto yomsolwa okuqinisekisile ukuthi ukuthi ibonakele. Ngesikhathi ihlolwa imoto yohlobo lwe-Chevy Traverse amaphoyisa athole isidumbu sowesimame ebhuthini.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.