Uhambo lomndeni luphenduke lwaba muncu kushona izelamani

2017-05-17 11:00

Pretoria - Umndeni wakwa-Adams e-Eersterust, ngasePitoli, ulahlekelwe amadodana amabili ngemuva kwengozi eyenzeke ngesikhathi lo mndeni usendleleni eya eMarydale esifundazweni iNorthen Cape, kubika iThe Citizen.

Lolu hambo lwalo mndeni obelugcwele intokozo luphenduke lwaba muncu ngesikhathi, inyamazane igxumela phezu kwemoto nokuyinto ephazamise ubaba uJohnny Adams okunguyena obeshayela.

Ngokusho kwalo baba, uhlulekile ukulawula imoto ngesikhathi ephazanyiswa yilesi silwane, imoto yaphaphalaza yagingqikela ngale komgwaqo kwalimala kabi umndeni wakhe.

"Besihamba sonke siwumndeni, kukhona umkami uJenifer, umama wakhe uLindiwe Dooms, 67, amadodana ethu amabili uLamuel, 12, noSamuel, 7, kanye namadodakazi ethu amabili uCasey Lee Bosman, 2, no-Afeni Adams, 16," kusho yena.

OLUNYE UDABA:Zisinde ngedlozi izelamani 'zibulawa ngunina'

UJohnny uthi akakholwanga ebona amadodana akhe ekhafulwa yimoto ngesikhathi igingqika.

“Imoto ivele yakhafula amadodana ami amabili ngesikhathi igingqika. ULamuel ushonele endaweni yesigameko. Okubuhlungu wukuthi bekungekho ebengingakwenza ukuhlenga impilo yengane yami,” kusho uJohnny.

Uthi amadodakazi akhe alimale kancane kanti enye indodana yakhe uSamuel, 7 ishonele esibhedlela.

Lo baba uthi izingane zakhe bezilithanda izwi leNkosi futhi zizinikele enkonzweni.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.