UHelen Zille yinkunzimalanga yomcwasi – ANC

2016-12-22 14:31

Cape Town – I-ANC esifundazweni iWestern Cape isinxuse iDemocratic Alliance (DA) ukuthi ixoshe uHelen Zille ngaphambi kokuba enze umonakalo omkhulu eWestern Cape.

Leli qembu beliphawula mayelana nokuphawula okwenziwe uZille enkundleni yezokuxhumana, iTwitter.

UZille ubuze ukuthi: “Kungani kulungile ukuhlukanisa abantu ngokwebala emisebenzini kodwa kungahlonzwa abantu etafuleni ngebala labo.”

Kubukeka sengathi lo mbhalo kaZille ubumayelana nodaba olususe umsindo lomsebenzi onguweta endaweni yokudlela eKapa awabhala ukuthi “2 blacks” nokusho ukuthi abantu ababili abamnyama nalapho ayechaza khona amakhasimende amabili ayevakashele kule ndawo yokudlela.

OLUNYE UDABA: Abathandi botshwala 'bahlasele' uHelen Zille

Lo mbhalo usususiwe kule nkundla yezokuxhumana.

I-ANC ithi ukucwasa ngokwebala kwi-DA ngaphansi kobuholi bukaZille kudla lubi, yathi futhi usehluleke wancama ukulwisana nokucwasa ngokwebala njengenkinga ejulile.

“UHellen Zille yiNkunzi yomcwasi ongakakukhathalele ukuthi izwe lingani.

“Ukucwasa ngaphansi kukaHelen Zille sekujule kakhulu,” kusho i-ANC, yengeza ngokuthi lokhu sekube nomthelela ukutheni obani abaqashwayo kanye nabathola amathenda kulesi sifundazwe.

Kodwa-ke emyalezweni kaWhatsApp othunyelelwe iNetwerk 24, uZille uthi amagama akhe ahlanekezelwe ngabantu abebefuna ukudala inzondo.

Uthi lokhu kuphawula ukucishile ngenxa yabantu abangafuni ukubheka yonke ingxoxo. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.