Uhlafuna ujeqeza umndeni othole unogwaja ubethelwe esangweni

2017-08-22 18:01

Mangaung - Uphila ngokwesaba umndeni wakwaMohlolo ovuke wathola unogwaja ocuthiwe ubethelwe esangweni uhambisana nencwajana eceleni, ngesonto eledlule.

UKedibone Mohlolo, 53, waseBloemside, eMangaung, uthi kunezigebengu ezifuna indodana yakhe.

“Bashiye incwajana esixwayisa ngokuthi indodana yami uThabiso uzocuthwa kanje ngoba esethatha isinqumo sokushiya iqembu lemigulukudu,” kusho yena etshela abeDaily Sun.

Uthi umndeni wonke uthukile futhi usabela impilo kaThabiso.

“Ngangilele ngoLwesihlanu ekuseni ngesikhathi ngizwa indodakazi yami eneminyaka engu-16 ubudala imemeza ithi ithole unogwaja ogxiza igazi elenga esangweni,” kusho yena.

OLUNYE UDABA:Amaphekulazikhuni aqubula ukwesaba e-Afrika

Lo mama uthi le ncwadi ebihambisana nalesi silwane ibibhalwe ukuthi: “Sizokunquma sikucuthe sigqoke isikhumba sakho okhalweni.”

Uthi indodana yakhe yayiyilungu leqembu lezigelekeqe i-BTK Ganga kodwa yayeka futhi yayiguqula impilo yayo.

“Kuyacaca ukuthi le migulukudu iyamfuna. Sengisaba nokuthi aphume lapha endlini ngoba kungenzeka angabe esabuya,” kuqhubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.