Uhlala lubhojozi umphakathi waseMbumbulu ngemuva kokubulawa kwekhehla

2018-04-09 12:30

eThekwini - Uhlafuna ujeqeza umphakathi waseMbumbulu ngemuva kokubulawa ngesihluku kwekhehla emzini walo ngoLwesihlanu.

UBeka Mkhize oneminyaka engu-81 ubudala ubehlala yedwa emzini wakhe, ungenelwe ngabantu abangaziwa bamngenela ngesibhaxu waze washona.

Laba bantu bathathe umakhalekhukhwini waleli khehla ngaphambi kokubaleka.

Ngokuthola kwephephandaba iLANGA ngomthombo walo wakule ndawo ocele ukuba igama lakhe lingadalulwa ukuze aphephe, uthe akukho okubi abakwazela leli khehla.

OLUNYE UDABA: Kuthungathwa abasolwa abadune iphoyisa lomgwaqo imoto

"Ubekhonze ukuhla angaphansi kwesihlahla athamele umthunzi. Kusishayisa ngovalo lokhu okwenzekile singomakhelwane bakhe uma abantu bekwazi ukungenela umuntu omdala kangaka bambulale,"kusho yena.

Lo mthombo uthi usola izinswelaboya ebezicabanga ukuthi zizothola imali kulo muzi waleli khehla.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Nqobile Gwala usiqinisekisile lesi sigameko.

"Amaphoyisa aseMbumbulu abizelwe endaweni yesigameko lapho kutholakale khona isidumbu sowesilisa osekhulile sinezingozi zokushaywa. Amaphoyisa aphenya amacala amabili, elokweba kanye nelokubulala,"kusho yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.