Uhlalele ovalweni uthisha osongelwayo esikoleni eMgungundlovu

2017-08-17 12:33

Pietermaritzburg - Usashaqekile uthisha wesikole iMpende High, eMgungndlovu, kulandela umbhalo obomvu omsengelayo awufice odongeni naphansi esikoleni ngeledlule.

Lo mbhalo uthi kufanele ashiye esikooleni uma kungenjalo uzofa.

USifiso Ndlovu oyiNhloko yoMnyango (HOD) kulesi sikole kanti futhi uphinde asize ezintweni ezithinta isekela likathishanhloko njengoba lingekho, uthi uthukile ngoba akazi ukuthi ngubani lo omsongelayo.

OLUNYE UDABA:Umisiwe uthisha osolwa ngokuzibandakanya ocansini nomfundi

UNdlovu uthi okumehlele kumshiye edidekile kanti futhi lolu daba ubengakabazisi ekhaya. 

UNdlovu uphinde wathi unqume ukungasayi esikoleni njengoba esadunguza ebumnyameni, akazi nokuthi ubani owenze lokhu kanti nothisha abazi ukuthi baphephe kangakanani esikoleni.

Ngokutholwe kwe-KZN Eyethu lo thisha uqhube ngokuthi isikole sibambe umhlangano kwaphuma iphuzu lokuba udaba lulekelwe ezandleni zomthetho ngoba kuningi okungaqondakali.

Okhulumela amaphoyisaaseTaylors Halt, uThokozani Moleko uqinisekise isigameko.

" Amaphoyisa aphenya icala lokusabisa kanti bekungakaboshwa muntu," kusho uMoleko.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.