Uhlanza ngobuhlungu abuzwiswa nguKomphela oweChiefs

2017-10-03 16:00

Durban - Umgadli weKaizer Chiefs osemncane uphumela obala ngobuhlungu abuzwiswa ngumqeqeshi wale kilabhu ngendawo amdlalisa kuyona ekubeni amtshela ukuthi yena ukwazi ukudlala yiphi.

IChiefs ngasekuqaleni kwesizini edlule imemezele ukuthi inyusela esikimini esikhulu u-Emmanuel Letlotlo emuva kokuba ebeqhulula amagoli eqenjini layo lama-reserve elidlala kwiMultiChoice Diski Challenge (MDC).

Lo mgadli ufike esikimini esikhulu seChiefs umqeqeshi wale kilabhu, uSteve ‘Mphathi’ Komphela, wamdlalisa ophondweni kwesokudla.

Ubukeke edonsa kanzima kwazise yena ujwayele ukuhlohla amagoli.

Engxoxweni ekhethekile uLetlotlo abenayo neLANGA ngoLwesihlanu emini, uphumele obala ngobuhlungu abuzwiswa nguKomphela ngokumdlalisa lapho kuthanda khona yena.

OLUNYE UDABA: BUKA: Abalandeli beChiefs benxusa uDoctor Khumalo ukuba abuye

“Mina ngikulungele ukudlala kodwa kuya ngokuthi umqeqeshi ubophela baphi abadlali. Ukuze ngidlale ophondweni ngenziwa ngumqeqeshi, ungitshela ukuthi uthanda ijubane lami.

“Ngamtshela ukuthi ngicela angidlalise phambili kodwa yena uzithandela ijubane lami yingakho engidlalisa ophendweni.

“Mina ngithanda ukudlala phambili. Ingizwisa ubuhlungu lena eyokuzwa ikilabhu ithi ifuna abagadli ngibe ngikhona. Okwamanje ngisalimele kayikho into enginhayenza,” kusho uLetlotlo.

Limbuza ukuthi angase abuyele nini ensimini njengoba elimele idolo, uthe: “Mina ngizizwa ngikulungele ukudlala kodwa-ke udokotela uthe ngizobuya ngoJanuwari. Nokho-ke kuzofanele ngibekezele kuze kufike leso sikhathi.”    

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.