Uhlaselwe ngentululwane yenhlamvu ummeli esemzini wakhe eThekwini

2018-04-08 17:46

eThekwini - Ummeli uhlaselwe ngentululwane yezinhlamvu engaphandle komuzi wakhe eLa Lucia.

UThamsanqa Wilson Ndwandwe, 46, ongubaba wezingane ezintathu udutshulwe amahlandla angu-8 engaphandle kwegceke lakhe.

Ngesikhathi abe-The Independent on Saturday, befika kwaNdwandwe bathole kugcwele izimoto zezihlobo nabangani ngaphandle.

Ngokusho komthombo osondelene nomndeni, lo mmeli ufike ekhaya ngoLwesine ebusuku ngo-19h30 eseyongena ngesango ngesikhathi ehlaselwa.

"Bengihleli endlini ngesikhathi ngizwa kuvuleka isango. Kusenjalo ngizwe kuqhuma isibhamu, ngesikhathi ngiphuma ngiyohlola ukuthi kwenzenjani, besilokhu sishilo isibhamu.

OLUNYE UDABA:"Akudubulekanga muntu, akulimalanga muntu futhi akushonanga muntu"

"Ngibone imoto encane emhlophe isuka ngesikhulu isivinini yilapho engumubone khona uThamsanqa ubesabhekile kodwa engaphefumuli,"ksuho lo mthombo.

Uthi ushayele abezimo eziphuthumayo abafike baqinisekisa ukuthi inyama isihlukene nomphefumulo.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.