UHlaudi Motsoeneng ulahlwe amacala eqondiswa izigwegwe yiSABC

2017-06-12 12:30

Johannesburg – Lowo owayeyi-COO yeSABC, uHlaudi Motsoeneng, ulahlwe amacala ababekwe wona ekuqondisweni izigwegwe kwangaphakathi, umthombo othembekile osondelene nesigcawu sokuqondisa izigwegwe utshele iNews24.

UMotsoeneng ubebhekene namacala okufaka iSABC ehlazweni kanye nokudala umonakalo ongalungiseki kumqashi wakhe.

La macala abemayelana nesithangami sabezindaba asibamba nesadonsa amahora amane ngomhlaka-19 ku-Ephreli, nalapho avikela khona umgomo wakhe wokudlalwa "kuka-90% womculo wasekhaya”.

Waphinde wagxeka ikomiti lasePhalamende elanikwa umsebenzi wokucubungula udaba lwalowo owayeyilungu lebhodi ngaphambilini futhi osebhodini lesikhashana leSABC, uKrish Naidoo.

OLUNYE UDABA: I-SABC ikhangisa ngomsebenzi wobeyisikhulu sayo, uHlaudi Motsoeneng

Kukholakala ukuthi ibhodi lesikhashana namhlanje lizoba nomhlangano ukubhunga ngalesi sinqumo sikaSihlalo wesigcawu sokuqondisa izigwegwe, u-Advocate Nazeer Cassim.

Ngesikhathi ecelwa ukuba aphawule, uCassim uthe ukhiphe umbiko ekuseni ngoMsombuluko, wathi iSABC kuphela ezokwenza isimemezelo.

Okhulumela iSABC, uKaizer Kganyago, utshele iNews24 ukuthi ubengakawuboni umbiko, wathi futhi uzophawula ekuhambeni kwesikhathi.

Ngaphezu kwalokhu sekukaningana uMotsoeneng ekhala ngaphansi ezinkantolo ezehlukene.

IJaji laseNkantolo eNkulu yaseWestern Cape, u-Owen Rogers, wanquma ngoDisemba 2016 ukuthi uMotsoeneng akasavumelekile ukuthi aphinde asebenze eSABC, kuze kube kubekwa eceleni umbiko walowo owayenguMvikeli woMphakathi, uThuli Madonsela noma kube nesigcawu esisha sokuqondisa izigwegwe esizomthola engenacala.

Usidlulisela phambili leso sinqumo.

NgoNovemba 2015, iNkantolo eNkulu yaseWestern Cape yanquma ukuthi ukuqokwa kwakhe njenge-Chief Operations Officer kwakungenasizathu futhi akukho emthethweni, yabe isikubuyisela eceleni. Inkantolo yamnqabela igunya lokuthi adlulisele lesi sinqumo phambili.

NgoSepthemba 2016, iNkantolo yokuDluliswa kwamaCala nayo yaphinde yamnqabela igunya lokuthi adlulisele phambili isinqumo senkantolo.

NgoMeyi kulo nyaka, iLabour Nkantolo yezabaSebenzi yachitha isicelo sakhe sokuthi kumiswe ukuqondiswa kwakhe izigwegwe kanye nokuthi uCassim ahoxe esigcawini sokuqondiswa kwakhe izigwegwe.

UMotsoeneng akatholakalanga ukuba aphawule.

Lolu wudaba oluqhubekayo. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.