Uhleli lubhojozi umndeni otakule uThabani Mzolo osizini

2018-05-08 18:04

Durban - Uhleli lubhojozi umndeni waseThekwini otakule ngemali yokufunda uMnu Thabani Mzolo waseNtabamhlophe, eMtshezi, obhekene necala lokudubula abulale obeyintombi yakhe, uNkz Zolile Khumalo waseShowe obenza unyaka wesibili kwiQuantity Surveying eMangosuthu University of Technology (MUT).

UMnu Mzolo uvelile eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesine icala lakhe lahlehlela uLwesithathu. Leli phephandaba lithole ukuthi sekunezinsongo ezibhekiswe emndenini obusiza ngemali uMnu Mzolo, obeziveza kuFacebook njengendodana yawo yegazi.

Lo mndeni usendaweni yomntakabani eThekwini.

Ekhasini leFacebook lapho uMnu Mzolo eziqambe ngoSimkahle Kwandy Mnisi, ufake izithombe zomuzi kaMaShandu (amagama nesibongo sikugodlile ukuvikela umndeni wakhe), nezezimoto zalo mndeni njengokwakubo.

Ezinkundleni zokuxhumana kubuye kwasabalala izithombe zikaThabani nentombi yakhe bephethe izinhlokohlela zezibhamu.

Eluchaza usizi asephila ngaphansi kwalo uMaShandu, uthe: "Uvalo lwethu olukhulu wukuthi izimphahla ezimqoka zomndeni wethu zinanyekwe kuFacebook. Umuzi wethu, izimoto, izithombe azishutha nezingane zethu, konke uThabani ukufake kuFacebook njengokwakubo. Sizizwa singaphephile, siyahlukumezeka. Nokho kumele ngibonge amalungu amadala omndeni wakwaKhumalo esikhulume nawo ngokuqonda isimo esibhekene naso."

Uthi isono somndeni wakhe kube wukusiza uMnu Mzolo ngemali yokufunda, okwenze wagcina esefana nelungu lomndeni wabo, manje sebephila okwezinyamazane njengoba sebehlafuna bejeqeza.

"UThabani ufike ebhizinisini lomyeni wami eyocela ukusizwa achushiswe ngokufaka isicelo sokufundela ubudokotela eCuba ngomfundaze. Uchaze usizi lokuthi washonelwa ngabazali, wakhuliswa nguninakhulu nje kuphela, samuzwela.

"Emuva kokuba kutholakale ukuthi sekuvaliwe ukufaka izicelo zokuya eCuba, umyeni wami umtholele isikhala eMUT yize besekuvaliwe ukuthathwa kwabayokwenza i-Electrical Engineering kwazise imiphumela yakhe kamatikuletsheni ibimihle kakhulu.

"Besimenzela konke obekudingeka eMUT kubalwa indawo yokuhlala nemali yokudla. Ubeyingane ehloniphayo phambi kwethu, sithukile sesizwa ngalesi sigameko nangazo zonke izinto abezibhale ngathi kuFacebook. Besingazi kwakuthi uphatha izibhamu ngendlela abethobeke ngayo phambi kwethu.

"Ubazi kahle ukuthi kwami kasikho kuFacebook ngoba sinemithetho eqinile ezinganeni zethu. Ngikholwa wukuthi yingakho ebesebenzisa amagama okungewona awakhe. Ubefika ngokuvakasha kwami futhi singamexwayi ngoba uyingane ekhuthele, ubenza yonke into kusuka ekusizeni nxa kuphekwa, asigezele izimoto, avuke ekuseni agunde igceke yize sinaye umuntu osisizayo ngakho konke lokhu," kuchaza uMaShandu othathe ikhefu eliphuthumayo emsebenzini ngenxa yalesi sigameko, agcizelele ukuthi siwehle ngaphezulu umndeni wakhe.

Ebuzwa ukuthi ucabanga ukuthi uyoke akwazi yini ukubhekana noMnu Mzolo emuva kwalesi sigameko kumbe ukumxolela, uthe: "Ngihambile ngayombona ngoLwesithathu ngoba bengifuna ukuzizwela kuyena ngalolu hlangothi lwakhe olubi, engiluqabukayo. Kukho konke ebengikukhuluma akazange angiphendule nakanye."

Uthi uyafisa ukuhambela umngcwabo kaNkz Khumalo, ukuyobhonga emswaneni ngokwenziwe yingane abesebeyithatha njengelungu labo.

"Akhona amalungu omndeni kaNkz Khumalo esixhumanayo nawo, amanye asiqinisa idolo kwathina esimweni esizithola sikusona. Nokho nginovalo ngezinkulumo zabanye abasesabisayo," kusho uMaShandu ogcizelele ukuthi lesi sigameko sigadle kabi kakhulu kumyeni wakhe njengoba esebenza kude nomuzi wabo oseThekwini.

Nokho uthi nakuba sekunje kodwa basazoqhubeka benomyeni wakhe ukusiza izingane ezidinga usizo uma benalo, ezeseka ngokuthi ukukhula kwabo kanzima yikhona okwenza bafise ukwenza uguquko entsheni embalwa eqhamuka emindenini exakekile. 

UColonel Thembeka Mbhele okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe nakuba enalo ulwazi ngesimo salo mndeni kwazise useke waxoxa nawo, kodwa kufanele uvule icala lokusatshiswa ukuze amaphoyisa ezokwenza uphenyo

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.