Uhlomule ngomunye umklomelo utolika wasenkantolo

2017-02-07 10:03

kwaDukuza - Uphinde wahlabana ngomunye futhi umklomelo owesilisa osebenza njengotolika enkantolo yeMantshi yaKwaDukuza.

UNgqongoshe we-Public Service and Administration waklomelisa uMnuz Nzuzo Mtyawaza Jali, ongutolika enkantolo yaKwaDukuza, ngendondo eyaziwa ngele-Best Frontline Service Employee of the Year Award, emcimbini obuse-OR Tambo International Airport eGauteng.

UMnuz Jali ubengaqali ukuthola umklomelo njengoba wayesematheni ngonyaka ka-2015 ngesikathi ehlomula ngemiklomelo emibili ngokusebenza kwakhe ngokuzikhandla.

Omunye wale mikomelo wawunikezwa ngundunankulu waKwaZulu-Natal ngaleso sikhathi, uMnuz Senzo Mchunu, kwathi omunye wanikezwa nguMnyango wezoBulungiswa.

Ngesikhathi exoxisana nentatheli ye-iLembe Eyethu, uJali uthe kusegazini kuyena ukusebenzela umphakathi.

OLUNYE UDABA:Libambezelekile icala lowokufika enkantolo

“Ngiyaye ngizothole ngiphoqeleka ukuthi ngenze isiqiniseko sokuthi wonke umuntu engimubona ngaphakathi ezakhiweni zenkantolo uyakuthola ukusizakala ngokushesha. Angigcini ngokuthi ngenze umsebenzi wami wokuhumusha enkantolo, kodwa ngibuye ngizame ngayo yonke indlela ukuthi ngisize umphakathi ngezinye izidingo,” kubeka uJali.

UJali uyisakhamuzi saseLindelani Township, endaweni yaKwaDukuza, kanti uthi waqala ukusebenza njengotolika ngonyaka ka-2012. Ngesikhathi ebuzwa ukuthi eminyakeni eyisihlanu noma eyishumi ezayo ufisa ukuzibona esekuliphi izinga ngokomsebenzi, uvele waphendula ngokukhulu ukuziqhenya wathi, “Ngizibona ngiyisisebenzi somphakathi. Akukho futhi okunye engizibona ngikwenza”.

Ubuye wagqugquzela abanye ozakwabo endimeni ye-public service ukuthi babe nesineke kanye nothando lokusebenzela umphakathi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.