Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala iphoyisa

2017-01-27 08:09

Cape Town – Owesilisa osolwa ngokubulala iphoyisa uvele eNkantolo yeMantshi yaseKimberley ngoLwesine, kusho amaphoyisa aseNorthern Cape.

UMzwandile Majosi, 28, uhoxise isicelo sebheyili ngemuva kokuba umphenyi wecala ethule ubufakazi obuphikisana nokuba adedelwe, kusho uCaptain Philani Nkwalase.

Inkantolo itshelwe ukuthi walahlwa yicala lokuphanga ngo-2008, elokweba ngo-2010 kanti futhi kunecala alingakaphothulwa lokutholakala nezidakamizwa.

OLUNYE UDABA: Owesilisa utshele amaphoyisa ukuthi wasiza umngani bagqiba isidumbu

UMajosi usolwa ngokubulala uConstable Lentswe Edward Mogorosi ngasekuqaleni kwenyanga.

Isidumbu sakhe satholakala esigangeni ngaseLerato Park ekuseni ngoJanuwari 8. Sasinamanxeba okugwazwa emzimbeni nasebusweni.

Icala lihlehliselwe uMashi 23 ukuze kuqhutshwe kahle uphenyo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.