Uhoxise isicelo sebheyili umshayeli wetekisi eyabulala abafundi

2017-02-01 14:31

Durban - UMondli Zisongo‚ 29‚ uvele kancane phambi kweMantshi yaseNtuzuma ngoLwesithathu ngamacala okubulala ngokungenhloso.

UZisongo uyena owayeshayela itekisi elalihambisa izingane esikoleni ngosuku lokuqala lokuvulwa kwezikole ngesikhathi kudaleka ingozi itekisi lakhe lishayisana nebhasi.

Abafundi abane bashona endaweni yesigameko kanti owesihlanu, umfana washonela esibhedlela ngemuva kwezinsuku ezimbalwa kwenzeke le ngozi.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe umshayeli webhasi ethwele abagibeli e-KZN

UZisongo ubebukeka ewusizi ngesikhathi kubizwa igama lakhe, kubika iTimesilve.

Azikho izizathu eziveziwe ngesinqumo sakhe sokuhoxisa isicelo sebheyili.

Lo mlisa ubeqashwe yinqwaba yamaphoyisa abehlomile ukuvikela kumalungu omphakathi abedinwe egane unwabu phandle kwenkantolo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.