‘Uhulumeni kumele kube uyena oholela imali yesibonelelo'

2017-03-16 12:30

Johannesburg – Uhulumeni kumele kube uyena othatha izintambo zokusingatha uhlelo lokuholelwa kwemali yesibonelelo, kusho uMgcinimafa we-ANC, uZweli Mkhize.

Kodwa-ke uhlaka olubhekelele ukuholelwa kwezibonelelo, iSA Social Security Agency, luzothwala kanzima ukuthi ibe nobuxhakaxhaka obudingekayo ukusabalalisa imali yesibonelelo.

Usho kanjalo ngesikhathi ekhuluma emcimbini weGordon Institute of Business Science ngoLwesithathu kusihlwa.

UMkhize uthi ngenxa yokubanzima kwalo msebenzi, kuba nzima ukuthola enye inkampani ezokwazi ukuwenza.

OLUNYE UDABA: UZuma uzophendula imibuzo ePhalamende ngoDlamini noMolefe

NgoLwesithathu, iNkantolo yoMthethosisekelo isigodlile isinqumo mayelana nesicelo ebesifakwe yinhlangano yomphakathi iBlack Sash sokuthi inkantolo kube iyona eqapha isivumelwano esisha sokuholelwa kwemali yesibonelelo.

Le nkantolo ihlabe yahlikiza uSassa kanye noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uBathabile Dlamini, ngokuhluleka ukuqinisekisa ukuthi lube selukhona uhlelo lokuholelwa kwemali yesibonelelo ngaphambi komhlaka-31 kuMashi.

UMkhize uvumile ukuthi sekube kuningi ukuhluleka ezinkampanini ezilawulwa uhulumeni, wathi kodwa lokho kumele bakuthathe njengenselelo okumele babhekane nayo. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.