"Uhulumeni nabelaphi bendabuko kufanele bawuqede lomkhuba wokubulawa kwama-albino"

2016-07-19 11:34

Durban - I-African National Congress Women's League (ANCWL) ngoLwesibili ithe ishaqekile ngezinkolelo zokuthi umuthi owenziwe ngezicubu zomzimba womuntu ophila nebala elimhlophe ama-albino ungenza umuntu isicebi.

UNobhala Jikelele uMeokgo Matuba ucele izwe ukuba lisukuma libhekane nalabo abavuna lezi zinkolelo eziholela ukuthi kubulawe ngesihluku abantu abangama-albino.

OLUNYE UDABA:  Kuthiwa ayinyama ama-albino eMalawi

I-ANCWL yenze lesi sitatimende ukushayela ihlombe umelaphi wendabuko wasendaweni yaseManguzi KwaZulu-Natal ovele waqonda emaphoyiseni kulandela izinsolo zokudayiselwa ngowesifazane ingane eyi-albino.

Imbiko yabezindaba ekuqaleni kwenyanga uthi lo melaphi wendabuko uJames Mthembu wancinza indlebe amaphoyisa ngemuva klokuba owesifazane amdayisela ingane eyaduka ngomhlaka-28 Juni ngemali engu-R100 000. Lo wesifazane waboshwa ngamaphoyisa aseMpangeni.

"Uhulumeni kufanele asebenzisane nabalaphi nendabuko kanye nomphakathi wonkana ukuqeda lomkhuba omubi. Noma ngubani ozibandakanya kulezi zigameko uzobhekana ngqo nengalo yomthetho."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter




NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.