Uhulumeni omusha waseZimbabwe 'uzimisele ngokuhlonipha uMugabe'

2017-12-14 14:02

Harare - Lowo owayengumengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe, 93, owakhishwa esikhundleni ngenyanga eyedlule, uhambele eSingapore ukuyohlolwa isimo sempilo, kusho lowo owayengumkhulumeli wakhe ngoLwesine.

UMugabe nonkosikazi wakhe uGrace abakaze babonakale emphakathini kusukela lo mholi aphoqwa ukuba ashenxe emandleni ngemuva kokuthi umbutho wempi wathatha amandla oMbuso, kwaphela uMbuso kaMugabe weminyaka engu-37.

"UseSingapore sikhulua nje. Kuyingxenye yesivumelwano sababengomengameli ukuba bahambele phesheya kwezilwandle. UMugabe ukujwayele ukuya eSingapore ukuyohlangana nodokotela bakhe," kusho uGeorge Charamba etshela i-AFP.

UCharamba, osekhulumela uMengameli Emmerson Mnangagwa manje, uthe uhulumeni omusha uzimisele ngokutshengisa ukuhlonipha uMugabe.

"Asikho isidingo sokumhlambalaza," esho.

OLUNYE UDABA: Unqatshelwe ibheyili umfundisi owathi uMugabe uzoshona

"Inhloso kwakuwukumukhulula emaketangwini eyamhlabe ngobhongwana. Lokho kwenzelwa ukuthi kuqinisekiswe ukuthi amagalelo akhe ahlale eqhakazile."

Umbutho wezempi wangenelela ngomhlaka-4 Novemba waphendlela uMnangagwa indlela ngemuva kokuthi uGrace Mugabe, 52, kwakucaca ukuthi nguye ozothatha amandla oMbuso.

UMugabe, owaphatha iZimbabwe kusukela ithola uzimelegeqe ngo-1980, usolwa ngokuhola ngesandla sensimbi kanye nokucekela phansi umnotho wezwe.

Kule minyaka eyedlule uhlaselwe ukugula kanti kusolakala ukuthi unomdlavuza. Kanti sekukaningi ehambela amazwe aphesheya kwezilwandle ukuyothola usizo lwezempilo.

UMnangagwa wayengomunye wabantu ababesondelene kakhulu noMugabe njengoba sekunguye ongene esikhundleni sokuhola iZanu-PF nezwe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.