Uhulumeni ubonge abantu bakuleli ngokuziphatha kahle

2017-08-09 10:42

Cape Town – Uhulumeni waseNingizimu Afrika ubonge izakhamuzi ezingenele imibhikisho zazwakalisa imibono yazo ngokulandela umthetho, kusho okhulumela uhulumeni ngoLwesibili ebusuku.

Izinkulungwane zabantu baseNingizimu Afrika zingenele imibhikisho emigwaqeni yaseThekwini, ePitoli, eGoli naseKapa ngoLwesibili ekuseni zeseka  isiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bukaMengameli Jacob Zuma.

I-ANC nayo ibihlele imashi yalabo abebephikisana nesiphakamiso ngaphandle kwePhalamende.

“Okwenzeke namhlanje ePhalamende nakwamanye amadolobha kukhomba ukuthi intando yabantu isaqinile futhi iyasebenza,” kusho uWilliam.

OLUNYE UDABA: Ngeke uyithinte i-ANC - Zuma

Uthe kodwa iziphathimandla zikhathazekile ngalabo abephule amalungelo abanye abantu ngokuthi bavale imigwaqo, baphoqa nokuba kuvalwe nezikole ezithile.

Isiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bukaMengameli Zuma asiphumelelanga njengoba abalungu angu-198 ePhalamende esichithile, sesekwa ngamalungu angu-177 ngoLwesibili ebusuku.

Abalelwa ko-30 amalungu e-ANC ePhalamende okukholakala ukuthi ashaye indiva umyalelo we-ANC avota kanye namaqembu aphikisayo. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.