Uhulumeni uchithe u-R631m ngezindlu ezingazange zakhiwe

2017-01-23 13:00

Bloemfontein – Babalelwa ku-106 omakhi asebemangalelwe bekanye nobeyisikhulu esiphezulu seSABC, uHlaudi Motsoeneng, kanye nonkosikazi kaNgqongqoshe wezemiDlalo, uFikile Mbalula, mayelana nodaba lwezindlu okwakumele zakhiwe nokuthiwa kwadla izigidi zamarandi.

Ngokwamaphepha asenkantolo atholwe yiNetwerk24, uMnyango wezeziNdlu eFree State wachitha imali elinganiselwa ku-R631m ukuze kwakhiwe izindlu phakathi nonyaka ka-2010 kanye no-2011, kodwa izindlu azibonwa.

INhloko yalo Mnyango, uNtimotse Mokhesi, uveze imininingwane esitatimendeni esifungelwe esifakwe enkantolo enkulu yaseBloemfontein.

OLUNYE UDABA: IKhabhinethi igxeka ukuqokwa kwaMotsoeneng kwesinye isikhundla

Ngokusho kwaMokhesi uMnyango wakhokhela omakhi le mali kubakhi ngaphandle kwesivumelwano esibhalwe phansi noma isiqiniseko sokuthi izindlu sezakhiwe noma seziqaliwe ukwakhiwa.

“UMnyango awuzange uyilandele imigudu efanele ukuveza ukuthi obani abenza umsebenzi kanye nokuthi ubani osekhokheliwe. Isiyonke imali eyakhokhwa ilinganiselwa ku-R1bn.

“Lezi zimali zakhokhwa ngokungemthetho ngoba zazingekho izinkontileka nabakhi futhi akulandelwanga imigudu efanele. Ngaphezu kwalokho, uMnyango wezeziNdlu kuzwelonke kanye noMnyango wezeziMali abazange bakugunyaze – futhi babengazi nokwazi ngakho,” kuqhuba isitatimende sikaMokhesi.

Uqhube wathi okuxaka kakhulu ukuthi laba bakhi asebekhokhelwe izimali abakaze “baphakamise ngisho umunwe noma banikezele ngezinto zokwakha”.

Kusolwa ukuthi uMotsoeneng kanye nonkosikazi kaMbalula bathola izigidi zamarandi njengamalunga alesi sikhwama. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.