Uhulumeni uphika eyokuthutha abakuleli ngokungemthetho

2017-01-25 16:00

Pretoria – UMnyango wezaseKhaya usuyichithile imibiko ethi usukhiphe umyalelo wokuthi kuthuthelwe ngaphandle abantu abakuleli ngokungemthetho.

Kubikwa ukuthi kunomyalezo osabalele ezinkundleni zokuxhumana kanye nakuma-SMS, nosola ukuthi ukuthuthelwa ngaphandle kwabantu abakuleli ngokungemthetho sekuvele kuqaliwe ngoMsombuluko.

OLUNYE UDABA: Bahlalele ovalweni abokufika eRustenburg

Esitatimendeni, lo Mnyango uthi asikho isitatimende esinjalo esenziwe noma esikhishwe wuMnyango okukanye noma ngabe yisiphi isiphathimandla.

“UMnyango wezaseKhaya wenza ngokuhambisana noMthethosisekelo wezwe futhi ufuna ngaso sonke isikhathi ukugcina umthetho.

"Kungaba okushayisanayo nemithetho yezwe lethu ukuyalela izakhamuzi, njengoba kuqanjwe amanga emiyalezweni ecekela phansi, ukuthi uzithathele umthetho ngezandla kanye nokuvala izinkampani ngaphandle kwemigudu efanele,” kubeka lo Mnyango esitatimendeni.

Ngaphezu kwalokho, uMnyango unxuse izakhamuzi zakuleli kanye nabanye abantu ezweni ukuthi bangayinaki le mibiko “engamanga”, nebukeka izama ukususa udweshu ezweni. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.