Cape Town –UMengameli uJacob Zuma ngoLwesine udlulise amazwi enduduzo emindenini yeziduli ezingu-94 eziphazamisekile engqondweni ezashona ngonyaka owedlule.
Lezi ziguli zashona kulandela ukukhishwa esikhungweni iLife eSidimeni zihanjiswa ezikhungweni ezizimele ezindaweni ezahlukene eGauteng.
OLUNYE UDABA:Umengameli Zuma ufisele abantu bakuleli amaholidi anokuthula
“Iziguli eziphazamisekile engqondweni zingabantu abadinga ukunakekelwa kakhulu, zidinga ukuvikelwa wuhulumeni uqobo,” kusho uMengameli ngesikhathi ethula inkulumo yakhe ebhekiswe esizweni.
UMengameli uqhubeke wathi uyalele uNgqongqoshe wezeMpilo ukuba aqinisekise ukuthi ziyalandelwa iziphakamiso ezenziwa umphenyi walezi zigameko futhi aqinisekise ukuthi zilandelwa ngaphandle kokunanaza.
“Sithi dudu emindenini kanye nasezihlotsheni zalabo abashonile, uhulumeni uzoqinisekisa ukuthi uyayeseka le mindeni ingabhekani nalobu bunzima iyodwa,” kulandisa uMengameli.