Uhulumeni waseGauteng ugxeka ukuhlaselwa kwabantu besifazane

2017-05-17 20:29

Johannesburg - Uhulumeni waseGauteng usungenelele ekulekekeleni ngamalungiselelo omngcwabo kaLerato Moloi, 27, ongomunye wabantu besifazane ababulawe ngesihluku eNaledi, eSoweto.

Kuthiwa uMoloi ukhandwe ngamatshe, wanukubezwa ngokocansi wabe eseshiswa.

Umsolwa uboshiwe kanti bekulindeleke ukuba avele enkantolo ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA: #RIPKaraboMokoena: Uzogqunywa esitokisini osolwa ngokubulala uKarabo Mokoena

Sebebathathu abantu besifazane okusolakala ukuthi badlwengulwa basebebulawa eSoweto kusukela ngoLwesihlanu olwedlule.

Uhulumeni waseGauteng uMbangwa Xaba uthe kufanele kuphele lokhu kubulawa kwabantu besifazane okungaqondakali.

"Uhulumeni wesifundazwe uzokweseka imindeni yezisulu. Sicela yonke imiphakathi eseGauteng ukuba ibambisane ekunqandeni lokhu kubulawa ngesihluku kwabantu besifazane nezingane."

Lokhu kulandela udaba olusematheni kulezi zinsuku lokubulawa kukaKarabo Mokoena, okusolakala ukuthi wabulawa yisoka lakhe lase lokhela isidumbu sakhe ngomlilo.

Isidumbu sakhe satholakala endaweni okulahlwa kuyo imfucuza, singasabonakali nokuthi ngesikabani.

Isoka, uSandile Mantsoe, kumanje libhekene necala lokubulala uMokoena.

 - SABC

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.