Uhulumeni wesifundazwe ufuna lidilizwe 'isonto lezimanga'

2018-03-02 19:31

Johannesburg - Uhulumeni wesifundazwe i-Eastern Cape ufuna inkantolo ikhiphe umyalelo wokuba kudilizwe iMancoba Seven Angels Church eNgcobo.

Bayisikhombisa abasolwa ababulawa esigamekweni sokudubulana namaphoyisa kuleli sonto ngesonto eledlule.

Amaphoyisa ayelandela imininingwane ngemuva kokubulawa kwamaphoyisa amahlanu esiteshini samaphoyisa eNgcobo kanye nowayeyisosha.

Okhulumela oKlebe esifundazweni i-Eastern Cape u-Anelisa Feni uthi kungase kuboshwe nabanye abasolwa ngokubulawa kwamaphoyisa esiteshini sawo, nangecala lokushushumbisa abantu.

OLUNYE UDABA: Bavelile abafana 'ababulala' owesilisa

Uphinde wakuqinisekisa ukuthi omunye wabaholi bebandla uvelile phambi kweNkantolo kaMantshi eNgcobo.

Uthe abasolwa ababoshiwe babhekene namacala amahlanu okubulala, elilodwa lokuzama ukubulala kaye nelokuphanga besebenzisa isihluku.

Uthe umholi webandla oboshwe kamuva ubhekene nelinye futhi icala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

“Okwamanje uphenyo luyaqhubeka, ngakho kusangenzeka kuboshwe nabanye abasolwa, hhayi nje ngokubulawa kwamaphoyisa kuphela kodwa nangokushushumbiswa kwabantu kuleli bandla.”

- SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.