UJohn Legend uyayihlonipha iNingizimu Afrika - Ndlozi

2017-08-22 16:01

Johannesburg - Umculi weRnB, uJohn Legend, ngoLwesibili ekuseni umemezele ukuthi uzobe ekuleli enandisa emadolobheni amathathu ngoNovemba kulo nyaka.

Lo mculi uzobe enekhonsathi ebizwa ngokuthi yiDarkness and Light eGoli, eThekwini naseKapa.

Lesi sihlabani seculo i-All of Me sizonandisa eTicketpro Dome eGoli ngomhlaka-3 nangomhlaka-4 Novemba bese eyonandisa, eMoses Mabhida, eThekwini ngomhlaka-7 Novemba asuke lapho ayoyivala eGrandWest Arena eKapa ngomhlaka-9 nangomhlaka-10 Novemba.

OLUNYE UDABA:Ngeke esalubhada eZimbabwe uJohn Legend

Amathikithi azoqala ukudayiswa ngomhlaka-25 Agasti eComputicket naseBig Concerts ngezithuba zabo-09:00 ekuseni.

Lo mculi uchaze ngisho nalowo okhulumela i-EFF uDkt Mbuyiseni Ndlozi ngokuza kwakhe eNingizimu Africa.

UJohn Legend weza okokuqala kuleli eminyakeni emithathu eyedlule.

UNdlozi uthe uJohn Legend uyalihlonipha leli zwe, akafani nabanye abaculi baphesheya abathatha leli lizwe njengendawo yokuthatha umhlalaphansi.

"Le ndoda uyayihlonipha iNingizimu Afrika. Iningi labaculi base-USA bafika kuleli uma sebephelelwe ushatini sebezocula amaculo amadala," usho njalo.

 - INSTAGRAM:

 - TWITTER:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.