Ujoyina iSidingo uBaby Cele

2016-08-02 17:31

Johannesburg - Isihlabani somlingisi womdlalo iRing of Lies uBaby Cele uselinde iminyaka ukuthola ithuba lokulingisi emdlalweni owuchungechunge kumabonakude iSidingo ku-SABC3.

UBaby uthe leli thuba lacishe lenzeka eminyakeni eyedlule ngesikhathi umdlalo usanda kuqala kodwa alizange lenzeke.

OLUNYE UDABA: Ujoyina iScandal uHlomla Dandala

Ekugcineni lesi sihlabani esidlala kumdlalo otshengisa kuMzansi Magic sijoyina abalingisi beSidingo sidlala indawo yephoyisa uColonel Sibongile Nene.

UBaby uchaze indawo azoyidlala wathi udlala indaow yowesifazane onesibindi futhi okholelwa kubulungiswa, ongenza noma yini ukuthi ubulungiswa buyenziwa.

UNene uyiphoyisa oseke kwakhulunywa ngalo ezingxoxweni eminyakeni emithathu eyedlule, kanti manje lizodalulwa ngomhlaka-12 Agasti.

UBaby uthe indawo azoyilingisa manje imushikilisile, bekufanele acinge kude aze afunde nolimi lwamaphoyisa.

"Kungathi bengiqala ukulingisa, kodwa kudala ngaqala ukulingisa," kusho lo mlingisi osenesipiliyoni seminyaka engu-30 kulo mkhakha, kubika iSowetanLive.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.