Ujoyine i-Arrows umdlali weBhakabhaka

2017-02-01 08:15

jJohannesburg - Golden Arrows imangaze abaningi isayina uNkosinathi Mthiyane, ngemuva kokumboleka kwi-Orlando Pirates kuze kuphele isizini, kubika iKicKoff.com.

UMthiyane, ojoyine iPirates ekuqaleni kwesizini esuka kwiChippa United, bekuthiwa uzobuyela kwiChilli Boys ngemuva kokuba iBhakabhaka liphothule isivumelwano naleli qembu, esenze uJames Okwuoso noMarc van Heerden baya eMayfair.

OLUNYE UDABA: Ugoloza ukudlala ongenele isiteleka

Isikhulu esiphezulu se-Arrows uGordon Masondo sithe sijabulelile sibona lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala ejoyina leli qembu, nangokubuya kukaLehlohonolo Nonyane ekulimaleni.

"Sisayinise uMthiyane kanti futhi noNonyane njengoba wazi ukuthi usebuyile ekulimaleni, kusho ukuthi ngasohlangothini lwesinxele konke kuhamba kahle,” kusho uMasondo.

UMthiyane wayedlala ibhola elihle kakhulu kwiChippa ngesizini edlule, njengoba asiza leli qembu ekutheni kuphele isizini lilele ku-top 8 kuPSL, kodwa wangadlala isigaba sokuqala sesizini kumaBhakabhaka ngenxa yokulimala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.