Ujoyine iCeltic emahoreni angu-24 ‘olaxaze iqembu emsakazweni’

2017-03-10 18:01

Cape Town - IBloemfontein Celtic isiphothule isivumelwano esisheshayo nalowo obengumqeqeshi wePolokwane City, uLuc Eymael.

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-57 ubudala usule kuPolokwane City esikhathini esingaphansi kwamahora angu-24 esedlule ngesikhathi etshela umethuli wezinhlelo zezemidlalo kuMetro FM, uRobert Marawa, ukuthi useyashiya kuleli qembu laseLimpopo.

Ngokwe-website yale kilabhu, lo mqeqeshi ongowokudabuka ezweni iBelgium usesayine isivumelwano seminyaka emibili nohhafu.

“Ngihlangane nomqeqeshi ekuseni (ngoLwesihlanu) kanye nabameli bakhe ukuxoxisana ngokumfuna kwethu futhi ngemuva komhlangano ovulelekile sivumelene (ngemuva kwesidlo sasemini) futhi uzibophezele ekujoyineni iqembu,” kusho ummeli wale kilabhu, uMandla Tshabalala.

OLUNYE UDABA: I-SAFA inqabe ukunxephezela uMashaba ngo-R4.1m

Lo mqeqeshi uzwakalise ukujabula ngokujoyina iqembu alichaze ngokuthi ngelihamba phambili esigabeni sePremiership.

“Ngijabule ngokujoyina iqembu elikhulu kangaka futhi elinokusekwa okukhulu,” kusho u-Eymael.

“Ngesikhathi ngifika okokuqala ezweni, ngaba nakho ukulithanda iqembu ngenxa yentshisekelo kanye nokuzinikela okukhonjiswa abalandeli futhi ngithembe, nami ngikulangazelele ngendlela efanayo ukuwina,” kusho u-Eymael.

“Sengike ngalibuka iqembu ngaphambilini futhi sengibone abadlali abahle ngendlela exakile abadinga nje ukugadwa nokugqugquzelwa ukuze baqale ukuwina futhi.”

Lo mqeqeshi osanda kuqokwa uzobe eseRustenburg nalapho ezobe ebukela khona iqembu lidlala neBuya Msuthu emqhudelwaneni weNedbank Cup kusasa (ngoMgqibelo).

Lo mdlalo uzoqala ngo-15:00 ntambama. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.