UJuju uthi iDowns ingaphansi kwengcindezi embangweni weseligi

2018-03-23 08:32

Johannesburg - Umbango wesicoco se-Absa Premiership kulindeleke ushube, njengoba kubukeka sengathi iMamelodi Sundowns, eqhwakele esicongweni, kanye ne-Orlando Pirates bezogadulisana kuze kube sekugcineni.

ISundowns izimisele ngokuphinda ithathe lesi sicoco eyehluleka ukusithatha ngesizini edlule.

Kuze kube manje, iDowns ihlezi esicongweni ngamaphuzu angu-43 emidlalweni engu-23.

IPirates iyalandela ngamaphuzu angu-42 emidlalweni engu-24.

OLUNYE UDABA: 'Ingasithatha isicoco se-CAF iDowns'

Lowo owayengumgadli wePirates, uThulasizwe Mbuyane, ukholelwa ukuba ingaphansi kwengcindezi iDowns, ngenxa yemidlalo eminingi ezoyidlala.

“Bheka, iSundowns ingaphansi kwengcindezi. Njengoba ilwela isicoco seligi, iyadlala futhi nase-Afrika. IPirates njengamanje igxile kwiligi kuphela. Ayisekho nakwiNedbank Cup,” kusho uMbuyane.

“Nakuba abanye bethi iSundowns isisithathile isicoco seligi, kuzoba nzima ngenxa yeminye imiqhudelwano abakuyona. Kusadingeka baye e-Afrika babuye bazodlala nakwiNedbank Cup.

 “Ngakho kuzoba nzima. ISundowns isebenza ngokuzikhandla kodwa ngesabela ukukhathala,” kusho uJuju.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.