UKadodia uhlalele ethembeni lokuthi iMaritzburg izobuyisa umgqigqo omuhle

2017-11-07 13:59

Cape Town - USihlalo weMaritzburg United uFarook Kadodia ugcwele ukuzethemba ngokuthi umqeqeshi wale kilabhu uFadlu Davids uzokwazi ukuyibuyisela emgqigqweni omuhle.

ITeam of Choice ivule isizini ngegiya eliphezulu inqoba imidlalo emithathu yokuqala, okubalwa nokushaya iMamelodi Sundowns kowe-MTN8.

Kepha kubukeka lehle kakhulu izinga manje njengoba le kilabhu isigijime imidlalo engu-9 ingawini, nokuholele ekutheni yehle iyohlala kunombolo 13 kwi-log, yaphinde yakhishwa emiqhudelwaneni emibili okuyi-MTN8 neTelkom Knockout.

UKadodia, nokho, wehlise amaphaphu wazwakalisa ukuthi uyameseka uDavids.

OLUNYE UDABA: Elase-KZN ligcine limqashe ngokugcwele obebambe esokuqeqesha

"Kunezingqinamba ezifika nenhlobo yebhola elimnandi esifuna ukulidlala siyikilabhu," kusho uKadodia.

"Ngicabanga ukuthi amanye amakilabhu ayesibhekile ku-MTN8, awuhlaziya kahle umdlalo wethu, ase esebenzela phezu kokuthi azoyimisa kanjani iMaritzburg. Amakilabhu apaka ibhasi uma edlala nathi noma ahlasele kuphela.

"Asikho isidingo sokuthi sitatazele. Siyakuqonda ukuthi uFadlu ungumqeqeshi omusha. Wenza umsebenzi oncomekayo ngesizini eyedlule, waphinde wayivula kahle. Ngiyakholelwa kakhulu ekutheni usahamba kahle.

"Anginakungabaza ukuthi abadlali basamhlonipha uFadlu futhi nginethemba lokuthi iqembu lizobuyela emgqigqweni omuhle," esho.

Uphethe ngokuthi kumele beze namaqhinga amasha.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.