UKelly Khumalo uzolingisa efilimini entsha

2016-08-04 14:34

Johannesburg - Abalingisi bakuleli abazinze phesheya kwezilwande, e-United States uBubu Mazibuuko noNondumiso Tembe babuyile eMzansi ukuzokwenza ifilimu entsha enesihlabani sase-US, uDarrin Dewitt Henson, uKelly Khumalo ongumculi wakuleli nabanye abaningi.

Le filimu ebizwa ngeZulu Wedding ikhuluma ngodaba lukaLungile Sabata (Nondumiso Tembe), wakuleli ohlala eNew York onetwetwe lokuphindela ekhaya eyoshada neNkosi athenjiswa yiyo umshado ngokwesintu.

OLUNYE UDABA: UPearl Thusi uzolingisa kwifilimu kasomahlaya

Kuqalwe ukusetshenzwa kule filimu kuleli sonto eGoli kanti kuyo kunezihlabani ezifana noDarrin Dewitt Henson, uMakgano Mamabolo, uPallance Dladla, uJerry Mofokeng, uBubu Mazibuko, uLorcia Cooper noKelly Khumalo.

UBubu uzodlala indawo kaMarang omunye wobhululu bakaLungile; uKelly yena uzodlala indawo kaYvonne unkosikazi kamalume kaPhineas Sabata (uJerry Mofokeng)othanda ubukhazikhazi, kubika iTMG Entertainment.

Ngokusho bakwa-Nu Metro le filimu kulindeleke ukuba ikhishwe ngomhlaka-31 Mashi 2017.

Buka nazi izithombe zabalingisi njengoba uzobe usalyilindile:

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.