Ukhala ngesigwebo umndeni wosikwe amankwahla

2017-08-28 16:00

Durban - Uphefumule okokuqala izolo ngeSonto uVezokuhle Nala waMathole Funeral Services ngezinsolo zokuthi uthume abantu ukuba basike isitho sangasese sowesilisa wasoNdini bamkopolote namehlo nyakenye emuva kokugwetshwa kukaXolani Mkhwanazi, 26.

UMkhwanazi ugwetshwe ngoLwesine olwedlule yiNkantolo yesiFunda yasoNdini. Uzobhadla ejele iminyaka engu-15 ngecala lokutholakala kwezicubu efrijini athe ubethunywe wuNala ukuzithola. Lezi bekuyizicubu zikaSiyabonga Ngema, 26, waseDumaneni khona oNdini ezishumpulwe ngo-2016 eseMame, oNdini.

UNala uyavuma ukuthi uMkhwanazi ubeyisisebenzi sakhe nokuthi ubehamba ngemoto yaMathole ngesikhathi egila lo mhlola.

OLUNYE UDABA:Banqabe ibheyili abasolwa 'ngokudla izicubu zomuntu' eMtshezi

"Kangikaze ngiwabalekele amaphoyisa ngoba kalukho uphenyo obeluqondene nami. Lo mfana oboshiwe yimina omnikele emaphoyiseni, ngathi mawazosesha le moto emuva kokuba kade inyamalele ebaleke nayo.

"Kuze kwatholakala nezidakamizwa kuyona wabesethi nazo ubezidayisela mina.

"Lo muntu ubeliphika icala waze walivula emuva kwesikhathi eside futhi ubesongile wathi uzoqeda ngaMathole uma ngimbophisa ngoba ubesezwile ukuthi ngiyamthungatha. Ubengasho ngani kwasekuqaleni ukuthi uthunywe yimina?

"Mina ngibona esachitha isikhathi senkantolo kusamele akhulume iqiniso lonke asho namagama abantu abenabo benza le nto njengoba esahubhuza amanga ngezisebenzi zaMathole ebezisemsebenzni ngesikhathi kwenzeka le nto.

"Kwenzeka konke lokhu besivele singaboni ngasolinye naye ngoba ubegila imikhuba ngemoto, ethatha nezimali zomphakathi wasoNdini ngagama laMathole," kusho uNala.

Ukhuluma kanjena nje, umndeni wakwaNgema unovalo ngokuthi uSiyabonga angaphinde enzakaliswe njengoba kusenabasolwa othi kababoshiwe abebekhona egilwa lo mhlola.

Uyise omncane kaSiyabonga, ocele ukuba igama lakhe ligodlwe ngoba enzela ezokuphepha, uthi lokhu okwenziwa wumthetho waseNingizimu Afrika kuyafana nokuthi kuxhashazwe lo mndeni kubuka izwe lonke.

Uthi kakuhlukile nokuthi ingane yabo ibulawe iphila kodwa ubulungiswa kabubonakali.

"Kubuhlungu uma sizwa ingane yethu ibuza ukuthi kusemini noma kusebusuku ngenxa yesimo ephila ngaphansi kwaso, kayinamehlo akotsholotwa injalo nje ichama ngepayipi. Ingqondo kanina kayisasebenzi kahle ngenxa yokuhlukumezeka ngakubone enganeni yakhe esiphenduke ingane encane," kusho uyise omncane kaSiyabonga.

Utshele ILANGA ukuthi uMkhwanazi uzoqhubeka nokukhohlakala ngoba ugwetshwe iminyaka emincane kakhulu. Bona bebelindele ukuba afele ejele ngenxa yesihluku asenzile.

"Esizibuza khona wukuthi kungani amaphoyisa engasitsheli ngokuqhubekayo ngalaba abasele ngaphandle, bayiswe phambi komthetho. Ingane yethu iphephe kangakanani uma kusekhona abasolwa abacanasa ngaphandle futhi kalukho nophenyo esiluzwayo ngabo ekubeni lo mfana wakwaMkhwanazi eshilo enkantolo ukuthi bebebathathu benza le nto nokuthi babethunywe ngubani," kusho yena.

Uthi kabanelisekile ngesigwebo seminyaka engu-15 anikezwe sona uMkhwanazi "ngoba uma eziphathe kahle ejele uzohlala iminyaka engu-7, okufana nokuthi bayadelelwa bewumndeni."

Okhulumela amaphoyisa uLt-Colonel Thulani Zwane uthe: "Umndeni kumele unikeze umphenyi wecala imininingwane ukuze ezolandela. Uma kuwukuthi kuyiqiniso ukuthi bekukhona abathile kulesi sigameko, zizobe sezibacaphuna ezakwadalawane," kusho uZwane.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.