Ukhala ngesinyama uMroza kaVan Damme

2017-07-30 11:04

Durban - Ukhala nangesinyama ngokushaywa ngesithende emcimbini omkhulu wakamuva kamasikandi umculi ingoma yakhe ebishisa izikhotha, oze waqopha umlando ngokuba ngowokuqala ngqa walolu hlobo ukuhlukanisa unyaka eSouth African Broadcasting Corporation (SABC). 

USithembiso “Mroza” Fakude (osesithombeni), obukeka ecwile njengomkhumbi wodumo iTitanic, ngemuva kwengoma yakhe yodumo esihloko sithi “Van Damme”, uthi naye akazi konakelephi emuva kokungabonwa nangokhalo emcimbini iMpucuzeko Masikandi Festival edume ngeleWorld Cup kumasikandi, ebiseThekwini ngeledlule. 

Uthi ngokolwazi agcine eluha-bula kwasebenza nabo, umhleli womcimbi, uMnu Xolani Mcineka, ukhale ngemali yokumkhokhela, yingakho engaqashwanga. 

OLUNYE UDABA:Uthi ubanjiswa utalagu owodumo lukaVan Damme

“Angazi ngempela sekuqhamuka kuphi lokhu ngoba bengike nginandise kwiMpucuzeko phambili-ni, bengifonela ngiyonandisa ma-hhala kodwa manje sekuthiwa imali kayikho ngoba sekumele ngikhokhelwe. 

“Angazi noma lokhu kusukela ekufikeni sekwedlule isikhathi na emcimbini wakhe (uMcineka) obuseJozini nalapho engadlala khona imizuzu engama-20 kuphela, bangivala, emva kwalokho wathi ayikho into azoyikhuluma nami,” kusho uMroza.

Uqhube wathi: “Khona ngiyazi ukuthi bayingcosana abangitha-ndayo kodwa vele uma uyinkunzi akekho ohlala eduze kwakho, bayashenxa,” kusho yena. 

“Emicimbini efana neMpucuzeko kunabangasali nokukwenza ungaqondi ukuthi kanti wena we- nzeni, kubani. Mina ngiziphethe kahle, kangintanti noma ngihlale emgwaqweni, kangikaze ngithathe mfazi wamuntu, kuyacaca nje kunesinyama esinginamathele engingazi noma ngazalwa naso na. 

“Khona ngiyakuqonda ukuthi uma into kungakabi ngeyakho kusuke kufanele ulinde kodwa khona siyababuka nje,” kubalisa uMroza. 
Eziphendulela uMnu Mcineka, uthe akananxa nalo mculi. 

“Okusho ukuthi bafowethu kuzomele nibabuze bonke laba abangaqashwanga ukuthi kungani. Ngamshiyiswa yinto eyodwa enga-yichaza kwasebenza naye, ukuthi i-budget ayivumi. Kawukwazi ukubaqasha bonke abaculi. Khona sengizwile ukuthi kunabantu akhala kubona kodwa iqiniso yilelo nje,” kuvala uMcineka. 

Lo mcimbi uba sematheni kubalandeli bakamasikandi njengoba kusuke kukhetha ukhethi, zibulalana ngengoma, kuklolodelwana nabalandeli babaculi abapha-mbili.  


 - ILANGA

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

5 scientific benefits of owning a cat

According to science, just the act of watching cats itself can bring about positive emotions – so it comes as no surprise then, that owning a cat has a number of benefits.

 

Paws

Why we love cats
8 great natural remedies for your pet
How to clean your dog’s eyes
This special pooch inspired his brother to learn to stand again
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.